Ezekiel 38:20 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
ukuba kuthuthumele phambi kwami izinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle, nazo zonke izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabo bonke abantu abasebusweni bomhlaba, izintaba zidilizelwe phansi, amawa awe, nezingange zonke ziwele phansi.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kuyakuthuthumela ebukhoneni bami izinhlanzi zolwandle, izinyoni zezulu, izilwane zasendle, zonke izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, bonke abantu abasebusweni bomhlaba, izintaba zidilikele phansi, kuwe amawa nazo zonke izingange.