Ezekiel 39:11 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
“ ‘Kuyakuthi ngalolo suku ngimnike uGogi lapho indawo yethuna, kwa-Israyeli, isiGodi Sabadlulayo ngasempumalanga kolwandle, ivimbe abadlulayo, bembele khona uGogi naso sonke isixuku sakhe, bayibize ngokuthi isiGodi saseHamoni Gogi.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
“ ‘ “Kuyakuthi ngalolo lusuku, nginike uGogi indawo yokungcwaba kwa-Israyeli, isigodi salabo abedlula empumalanga yolwandle, abavimbe abadlulayo, bayakumngcwaba lapho uGogi naso sonke isixuku sakhe, bayibize ngokuthi isigodi iHamoni Gogi.