Ezekiel 40:1 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngomnyaka wamashumi amabili nanhlanu, wokuthunjwa kwethu ekuqaleni komnyaka, ngolweshumi lwenyanga, ngomnyaka weshumi nane, emva kokunqotshwa komuzi, ngalona lolo suku, isandla sikaJehova sasiphezu kwami, wangiyisa khona.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kwathi ekuqaleni konyaka wama-25 sisekuthunjweni, ngosuku lweshumi enyangeni, ngonyaka we-14 emva kokunqotshwa komuzi, kwathi ngalolo lusuku isandla sikaSimakade saba phezu kwami, wangiyisa lapho.