Ezekiel 46:9 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha lapho abantu bezwe bengena phambi kukaJehova emikhosini emisiweyo, ongena ngendlela yesango lasenyakatho ukuyokhuleka uyakuphuma ngendlela yesango laseningizimu; ongena ngendlela yesango laseningizimu uyakuphuma ngendlela yesango lasenyakatho; kayikubuya ngendlela yesango angene ngalo, kepha kuyakuphunywa kwelimalungana nalo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kuyothi lapho abantu abahlala ezweni bengena phambi kukaSimakade ngesikhathi semikhosi emisiweyo, kuthi lowo ongene ngendlela yesango elisenyakatho ukuba ayokhuleka, aphume ngesango eliseningizimu. Umuntu oyakungena ngendlela yesango eliseningizimu uyakuphuma ngendlela yesango elisenyakatho. Akayukubuyela emuva ngendlela angene ngayo, kodwa uyakuphuma esangweni elimaqondana nalelo angene ngalo.