Ezekiel 47:12 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngasemfuleni osebeni lwawo ngalapha nangalapha kuyakumila yonke imithi edliwayo emaqabunga ayo angayikubuna, nezithelo zayo zingayikuphela; iyakuthela ezintsha izinyanga zonke, ngokuba amanzi ayo avela endlini engcwele; izithelo zayo ziyakuba ngukudla, amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngasosebeni lomfula ngapha nangapha, kuyakumila zonke izinhlobo zemithi ethela izithelo, amaqabunga ayo awayukubuna, nezithelo zayo aziyukuphela; iyakuthela zinyanga zonke, ngokuba amanzi asuka endlini engcwele agelezela kuzo; izithelo zayo ziyakuba ngukudla, kuthi amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa.”