Ezekiel 6:13 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ababuleweyo babo beyakuba phakathi kwezithombe zabo nxazonke zama-altare abo kuwo onke amagquma aphakemeyo, nakuzo zonke iziqongo zezintaba, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, naphansi kwawo onke ama-oki* adumbileyo, izindawo lapho bebenikela khona ngephunga elimnandi kuzo zonke izithombe zabo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade, lapho ababuleweyo babo bedindilize phakathi kwezithombe zabo, macala wonke ama-althare abo, kuwo wonke amagquma aphakemeyo, kuzo zonke iziqongo zezintaba, phansi kwayo yonke imithi eluhlaza, phansi kwayo yonke imi-okhi egcwele amaqabunga, ezindaweni lapho benikele khona ngokunephunga elimnandi, kuzo zonke izithombe zabo.