Ezekiel 8:17 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wathi kimi: “Uyakubona lokhu wena ndodana yomuntu na? Kuyinto elula kuyo indlu yakwaJuda ukwenza izinengiso abazenzayo lapho na? Ngokuba sebeligcwalisile izwe ngobudlova, babuye bangicunula. Bhekani, babeka amagatsha emakhaleni abo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ubonile yini na? Kuyinto engelutho yini endlini yakwaJuda ukwenza izinengiso abazenza lapho na? Ngokuba baligcwalisile izwe ngobudlova, bedlula bachukuluza ulaka lwami. Uyabona, babeka amagatsha emakhaleni abo.