Ezra 3:13 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
ngangokuba abantu babengenakwahlukanisa izwi lokukhamuluka kwentokozo nezwi lokukhala kwabantu, ngokuba abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, umsindo wezwakala kude.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Umsindo wawumkhulu kangangokuthi wawuzwakala ukude, kodwa umuntu wayengekwazi ukwehlukanisa noma ungowokujabula noma ungowokukhala.