Ezra 3:8 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngomnyaka wesibili wokufika kwabo endlini kaNkulunkulu eJerusalema ngenyanga yesibili uZerubabele, indodana kaSheyalitiyeli, noJeshuwa indodana kaJosadaki, nensali yabafowabo abapristi, namaLevi, nabo bonke abafike eJerusalema bevela ekuthunjweni baqala ukumisa amaLevi, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu ukuba babonise umsebenzi wendlu kaJehova.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngenyanga yesibili, ngonyaka wesibili bebuyele endlini kaNkulunkulu eJerusalema, uZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa, indodana kaJozadakhi, nabo bonke abafowabo nabaphristi nabaLevi nabo bonke ababeseJerusalema bebuya ekuthunjweni, bawuqala umsebenzi. Baqoka abaLevi, ababeneminyaka engaphezu kwama-25 ukuba bengamele izisebenzi ezazisebenza endlini kaSimakade.