Ezra 5:12 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha ngokuba obaba bese bemthukuthelisile uNkulunkulu wezulu, wabanikela esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, umKaledi, owachitha le ndlu, wabamukisa, wabayisa eBabele.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kepha okhokho bethu bamthukuthelisa uNkulunkulu wasezulwini, wayesevumela inkosi yaseBhabhele, uNebukhadinezari, inkosi yombuso wamaKhaledi, ukuba ibanqobe. Yabhubhisa le ndlu, abantu yabathumba yabasa eBhabhele.