Ezra 6:14 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Amalunga abaJuda ayesakha, aba nempumelelo ngokuprofetha kukaHagayi umprofethi noZakariya indodana ka-Ido. Akha, aqeda njengokwesiyalezo sikaNkulunkulu ka-Israyeli, nanjengokwesiyalezo sikaKoresi, noDariyu, no-Aritahishashita, inkosi yasePheresiya.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Izikhulu zakwaJuda zaqhubeka ngempumelelo ukwakha indlu, zigqugquzelwa ngukuphrofetha kukaHagayi noZekhariya, indodana ka-Ido. Zaqeda njengalokho zaziyalwe nguNkulunkulu wakwa-Israyeli ngomthetho owashaywa nguKhoresi, uDariyu, nenkosi u-Arithahishashitha, basePheresiya.