Ezra 6:8 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
“Futhi ngikhipha isimemezelo ngeniyakukwenza kulawo malunga abaJuda ukuba kwakhiwe leyo ndlu kaNkulunkulu: labo bantu mabanikwe kakhulu izindleko empahleni yenkosi, intela yaphesheya koMfula,* ukuba bangathiywa.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
“Ngishaya umthetho maqondana nalezo zikhulu zabaJuda ezizokwakha kabusha le ndlu kaNkulunkulu, ngithi: izindleko zokukhokhela laba bantu mazikhokhwe ngokuphelele nsuku zonke, ziphume emalini yasebukhosini, etholakala ngentela evela esifundazweni entshonalanga yeYufrathe, ukuze lowo msebenzi ungami.