Galatians 2:21 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Angiwenzi ize umusa kaNkulunkulu, ngokuba uma ukulunga kuya ngomthetho, khona uKristu wafela ize.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Angiwushayi indiva umusa kaNkulunkulu, ngokuba uma ukulunga kuya ngomthetho, lokho kusho ukuthi uKhristu wafela ize.”
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Angiwujabhi umusa kaNkulunkulu; ngokuba uma ukulunga kuvela ngomthetho, khona uKristu wafela ize.