Galatians 3:17 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa nguNkulunkulu ngaphambili, umthetho owavela emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awusesuli, uze usichithe isithembiso;
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Yilokhu engikushoyo ukuthi isivumelwano esaqiniswa phambilini nguNkulunkulu, akukho mthetho obekwe emva kweminyaka engama-430 ongasesula noma usiqede, sona kanye nesithembiso.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa ngaphambili nguNkulunkulu kuKristu, umthetho owaba khona emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awunakuchithwa, ukuze usenze ize isithembiso.