Galatians 4:27 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Thokoza wena nyumba ongazaliyo; mpompoloza wena ongenamihelo; ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabakhe onendoda.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Thokoza wena nyumba ongazalanga, dazuluka wena ongakaze uhelelwe, ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabantwana bonendoda.”
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Jabula wena nyumba ongazalanga; gqamuka ukhale, wena ongabhibhiyo, ngokuba abantwana boyisigebenga baningi kunalowo onomyeni.