Genesis 17:17 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
U-Abrahama wayesewa ngobuso bakhe, wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: “Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na? USara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
U-Abhrahama wakhothama wathi mbo ngobuso wahleka, wakhuluma yedwa wathi: “Indoda ingayizala kanjani ingane isinekhulu leminyaka na? USara angabe esakwazi ukuzala ingane esehlanganise iminyaka engama-90, na?”