Genesis 2:5 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kwakungakabikho sihlahla endle, namifino yayingakamili emhlabathini, ngokuba uJehova uNkulunkulu wayengakanisi imvula emhlabeni, kungakabikho muntu wokulima umhlabathi.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngesikhathi uSimakade uNkulunkulu edala umhlaba kwakungakabi bikho zihlahla ezweni, kwakungakamili nazitshalo emhlabathini ngoba wayengakayinisi imvula, futhi kungekho namuntu wokulima umhlabathi.