Genesis 21:14 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
U-Abrahama wavuka ekuseni, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi, wakunika uHagari ekubeka ehlombe lakhe kanye nomntwana, wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane laseBeri Sheba.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
U-Abhrahama wavuka ngovivi, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi wakunika uHagari, wayesemethwesa khona ehlombe, wamkhomba indlela benomfana. Owesifazane wazulazula ehlane eBheri Sheba.