Genesis 27:42 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
URebeka watshelwa amazwi ka-Esawu indodana yakhe enkulu; wathuma wambiza uJakobe indodana yakhe encane, wathi kuye: “Bheka, umnewenu u-Esawu uyaziduduza ngawe ngokuthi uyakukubulala.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Bambikela uRibheka amazwi ka-Esawu izibulo lakhe ayesongela ngawo umnawakhe uJakobe, ngakho-ke wathi kuye: “Umnewenu usonga ukukubulala ukuze aduduzeke.