Genesis 29:34 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wabuye wakhulelwa, wazala indodana, wathi: “Manje ngalesi sikhathi umyeni wami uyakunamathela kimi, ngokuba ngimzalele amadodana amathathu,” ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uLevi.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Wakhulelwa futhi, wathola indodana, wayiqamba igama wathi nguLevi, ngokuba wathi: “Impela manje umyeni wami uzonamathela kimi, ngoba sengimzalele amadodana amathathu.”