Genesis 3:24 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wamxosha u-Adamu, wabeka ngasempumalanga kwensimu yase-Edene amakherubi* kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo, ilinde indlela eya emthini wokuphila.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Wamxosha umuntu, wayesebeka amakherubhi empumalanga nensimu yase-Edeni, nenkemba evuthayo eyayiphendukela nxazonke, ukuqapha indlela eya emthini wokuphila.