Genesis 33:17 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UJakobe wasuka waya eSukoti, wazakhela indlu, wenzela izinkomo zakhe amathanga; ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iSukoti.*
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UJakobe walibhekisa eSukhothi, wafike wathi gozololo khona, wakha nemipheme yemfuyo yakhe. Yingakho nje leyo ndawo ayibiza ngokuthi yiSukhothi.