Genesis 34:7 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Amadodana kaJakobe abuya endle esezwile lokho; abantu badabuka, bathukuthela kakhulu, ngokuba ubenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe, okungenakwenziwa.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Amadodana kaJakobe ayefika nje evela ekwaluseni lapho ezwa ngaleso sigameko, ashaqeka, awotha ubomvu, ngokuba wayenze ichilo kwa-Israyeli ngokungcolisa indodakazi kaJakobe, okwakuyinto eyayingafanele neze ukwenziwa.