Genesis 36:35 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wafa uHushamu; uHadadi indodana kaBedadi owanqoba abakwaMidiyani ethafeni lakwaMowabi waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyi-Aviti.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Wakhothama uHushama, ubukhosi bedlulela kuHadada, indodana kaBhedada owanqoba abakwaMidiyani esifundeni kwaMowabi. Igama lomuzi ayebusa kuwo kwakuthiwa yi-Avithi.