Genesis 38:14 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wayesekhumula izingubo zakhe zobufelokazi, wagubuzela, wazimboza, wahlala esangweni lase-Enayimi ngasendleleni eya eThimna, ngokuba wabona ukuthi uShela usekhulile, engamnikwa nokho abe ngumkakhe.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Wayesekhumula inzilo, wazemboza ngemvakazi, wahlala phansi ngasesangweni e-Enayimi, ngasemgwaqweni oya eThimna, ngokuba wabona ukuthi uShela usekhulile, kodwa wayenganikelwe kuye ukuba abe ngumkakhe.