Haggai 1:12 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, nayo yonke insali yabantu balalela izwi likaJehova uNkulunkulu wabo namazwi kaHagayi umprofethi, njengokuba uJehova uNkulunkulu wabo emthumile; abantu besaba phambi kukaJehova.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli noJoshuwa, indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, nayo yonke insali yabantu, balilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wabo namazwi kaHagayi umphrofethi, njengoba uSimakade uNkulunkulu wabo ayemthumile. Abantu besaba phambi kukaSimakade.