Hebrews 5:12 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngokuba noma benifanele ukuba nibe ngabafundisi, uma kuya ngesikhathi, nisadinga futhi ukuba kube khona onifundisa iziqalo zezifundiso zamazwi kaNkulunkulu; senaba ngabadinga ubisi, kungesikho ukudla okuqinileyo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Lokhu benifanele ukuba nibe ngabafundisi, ukuba kuya ngesikhathi eninaso, niyadinga ukuba kube khona ozakunicathulisa, anifundise iziqalo zemfundiso yezwi likaNkulunkulu; nisadinga ubisi, hhayi ukudla okuqinileyo.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Ngokuba nakuba benifanele ukuba ngabafundisi, kuze kube manje, nisadinga futhi ukuba kube khona onifundisa iziqalo zamazwi kaNkulunkulu; seniba njengabadinga ubisi, hhayi okokudla okuqinileyo.