Isaiah 13:8 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Bayashaqeka, babanjwa yiminjunju nobuhlungu, bazibinya njengababelethayo. Babhekana omunye nomunye bemangala. Ubuso babo bungubuso bamalangabi.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Bayakushaqeka, babanjwe yiminjunju nobuhlungu, bayoba neminjunju enjengemihelo yowesifazane ebeletha. Bayobhekana nomakhelwano babo ngeziqu zamehlo. Ubuso babo bubheje bube bomvu okwamalangabi.