Isaiah 25:2 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngokuba wenzile umuzi waba yinqwaba, nomuzi obiyelweyo waba yincithakalo; indlu yamakhosi abafokazi ayiseyiwo umuzi, ayisayikwakhiwa futhi kuze kube phakade.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngokuba umuzi uwuphendule imvithi, umuzi obiyelweyo waba yincithakalo; umuzi wabafokazi awuseyiwo umuzi, awusoze wakhiwa kabusha nanini.