Isaiah 29:8 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kuyakuba njengolambileyo ephupha ukuthi uyadla, kepha evuka usenephango, noma njengowomileyo ephupha ukuthi uyaphuza, kepha evuka uyethile, womile; siyakuba njalo isixuku sezizwe zonke ezisukela intaba yaseSiyoni.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kuyofana nalapho umuntu olambile ephupha edla, kodwa avuke esalokhu elambile, noma owomileyo ephupha ephuza, kepha avuke eyethile wukoma. Siyoba njalo-ke isixuku sezizwe zonke ezilwa nentaba iZiyoni.