Isaiah 31:1 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wo kubona abehlela eGibithe ukuba basizwe khona, bencike emahhashini, bethemba ezinqoleni, ngokuba ziningi, nakubo abamahhashi, ngokuba benamandla; kepha ababheki koNgcwele ka-Israyeli, noJehova abamfuni.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Maye, kulabo abehlela eGibhithe ukuyocela usizo, abethembele emahhashini nasezinqoleni zempi ngoba ziziningi, nakubagibeli bamahhashi ngokuba benamandla, kodwa bengabheki koNgcwele ka-Israyeli, bengamfuni uSimakade!