Isaiah 33:21 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kunalokho uJehova uyakuba nathi khona ebukhosini esikhundleni semifula nemifudlana ebanzi, lapho kungayikuhamba khona izikebhe ezinamaphini, nomkhumbi omkhulu ungadluli kuyo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kodwa lapho uSimakade ebukhosini bakhe, uyokuba nathi khona endaweni yemifula ebanzi nemithombo, lapho kungahambi khona zikebhe ezigwedlwayo, kungadabuli mikhumbi emikhulu.