Isaiah 39:2 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UHezekiya wathokoza ngabo, wababonisa indlu yengcebo yakhe, isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle, nayo yonke indlu yezikhali zakhe, nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe; akubangakho nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke uHezekiya angababonisanga yona.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UHezekiya wazemukela, wayesezikhombisa indlu yengcebo yakhe, isiliva, igolide, amakha, amafutha amahle, zonke izikhali zakhe, nakho konke okwakusendlini yokugcina ingcebo yakhe, akukho lutho esigodlweni sakhe nasembusweni wakhe angabakhombisanga khona.