Isaiah 5:20 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wo kubona abasho okubi ukuthi kungokuhle, nokuhle ukuthi kungububi, ababeka ubumnyama bube ngukukhanya, nokukhanya kube ngubumnyama, babeke nokubabayo kube ngubumtoti, nobumtoti bube ngokubabayo!
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Maye kulabo abathi okubi kuhle, nokuhle kubi, labo abathi ubumnyama kungukukhanya, nokukhanya kungubumnyama; abathi okubabayo kumtoti, nokumtoti kuyababa!