Isaiah 52:12 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngokuba aniyikuphuma ngokushesha, ningahambi ngokubaleka, ngokuba uJehova uyakuhamba phambi kwenu, noNkulunkulu ka-Israyeli uyakuba semva kwenu.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngokuba aniyukuphuma nixhamazela. Aniyukuhamba nibaleka, ngokuba uSimakade uyohamba phambi kwenu; uNkulunkulu ka-Israyeli uyoba nasemuva kwenu.