Isaiah 52:15 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo, ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona, nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
kanjalo iyokwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayovala imilomo ngenxa yayo, ngokuba ayobona lokho angazange akutshelwe, nalokho angakaze akuzwe, ayokuqonda.