Isaiah 52:8 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Izwi labalindi bakho, bayaliphakamisa izwi, bajabule kanyekanye, ngokuba bayakubona iso neso, lapho uJehova ebuyela eSiyoni.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Abalindi benu baliphakamisile izwi labo, bayakhamuluka bethokoza kanyekanye, ngokuba bayozibonela ngawabo amehlo, lapho uSimakade ebuyela eZiyoni.