Isaiah 58:5 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Yikhona lokhu kuzila engikukhethileyo yini nosuku lokuba umuntu awuhluphe umphefumulo wakhe; ukuthi umuntu ugoba ikhanda lakhe njengomhlanga, endlale indwangu yamasaka nomlotha phansi kwakhe, na? Lokhu kambe ungakubiza ngokuthi ukuzila nosuku olwamukelekayo kuJehova na?
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngabe yikhona kuzila lokhu engikukhethileyo na? Ngabe wusuku lokuba umuntu athobise umphefumulo na? Ngabe kungukuba agebise ikhanda lakhe njengomhlanga, alale endwangwini eyisaka nasemlotheni na? Ngabe yikho lokhu yini enikubiza ngokuzila, nosuku olwemukelekileyo kuSimakade na?