Isaiah 59:19 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Bayakulesaba igama likaJehova entshonalanga, nenkazimulo yakhe empumalanga, ngokuba uyakufika njengomfula okhahlamezayo, oqhutshwa ngumoya kaJehova.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Labo abasentshonalanga bayakulesaba igama likaSimakade, abasempumalanga besabe inkazimulo yakhe, ngokuba uyakufika njengomfula ongenisayo, oqhutshwa ngumoya kaSimakade.