Isaiah 62:4 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Awusayikuthiwa Oshiyiweyo, nezwe lakini alisayikuthiwa iNcithakalo, kepha uyakubizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo, ngokuba uJehova uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Akusayukuthiwa ngawe uNgoshiyiweyo, nezwe lakini alisayukuthiwa yiNcithakalo; kodwa uyobizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo; ngokuba uSimakade uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile.