Isaiah 66:5 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Yizwani izwi likaJehova nina enithuthumela ngezwi lakhe. “Abafowenu abanizondayo, abanixosha ngenxa yegama lami, bashilo bathi: ‘Makazidumise uJehova ukuba sibone intokozo yenu,’ kepha bona bayakujabha.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Lalelani izwi likaSimakade nina enithuthumela ngezwi lakhe. “Izihlobo zenu ezinizondayo, ezinivalela ngaphandle ngenxa yegama lami, zishilo zathi: ‘Makadunyiswe uSimakade, ukuze sibone intokozo yenu,’ kodwa zona ziyojabhiswa.