Isaiah 9:1 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha ukuhwelela akuyikuba khona kohluphekayo. Njengesikhathi esidlule senza ukuba kufiliswe izwe lakwaZebuloni nezwe lakwaNafetali, isikhathi esizayo siyakwenza ukuba ikhazimule indlela yolwandle ngaphesheya kweJordani, isifunda sabezizwe.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Akuyukubabikho bumnyama kulabo ababehlupheka. Ngesikhathi esedlule uSimakade wathobisa elakwaZebuloni nelakwaNafethali, kodwa ngomuso uyokwenza ihlonipheke indlela eya olwandle, ezweni elingaphesheya kweJordani, eGalile labezizwe.