James 3:4 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Bhekani nemikhumbi, ingaka nje, iqhutshwa yimimoya enamandla, iqondiswa ngephini elincinyane, lapho umshayeli efuna ukuyiqondisa khona.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Bhekani, nemikhumbi njengoba imikhulu nje, idudulwa yimimoya enamandla, iqondiswe ngumshayeli ngephini elincane, iye lapho efuna ukuba iye khona.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Bhekani, nemikhumbi, imikhulu kangaka, iqhutshwa yimimoya enamandla, ijikiswa ngomphini omncane kakhulu, iye nomaphi lapho umbusi ethanda ukuya khona.