Jeremiah 19:6 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
ngalokho bhekani, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho le ndawo ayisayikubizwa ngokuthi iThofeti noma isigodi sendodana kaHinomu kepha isiGodi Sokubulala.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngakho-ke ziyeza izinsuku, kusho uSimakade, lapho le ndawo ingasayukubizwa ngokuthi iThofethi, noma yisigodi sendodana kaHinomu, kepha yiSigodi Sokubulala.