Jeremiah 23:32 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Bheka, ngimelene nabaprofetha amaphupho amanga,” usho uJehova, “bawalandise, badukise abantu bami ngamanga abo nangokuwawaza kwabo; mina-ke angibathumanga nokho, angibayalanga, futhi abasizanga laba bantu,” usho uJehova.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Bheka, ngimelene nabaphrofethi abaphupha amanga,” kusho uSimakade, “bawalandise, badukise abantu bami ngamanga abo nangobudedengu babo. Mina-ke angibathumanga, angibayalanga, futhi ababasizanga ngalutho laba bantu,” kusho uSimakade.