Jeremiah 28:14 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngibeke ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe ukuba zimkhonze uNebukadinesari inkosi yaseBabele; yebo, ziyakumkhonza; futhi ngimnike nezilwane zasendle.’ ”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ngizobeka ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe, ukuba zimkhonze uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, yebo, ziyakumkhonza, futhi ngimnikile nezilwane zasendle.’ ”