Jeremiah 35:14 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
‘Agciniwe amazwi kaJonadaba indodana kaRekabi ayala ngawo amadodana akhe okuba angaphuzi iwayini; kuze kube namuhla awaliphuzanga, ngokuba alalela umyalo kayise. Nami ngikhulume kini, ngikhuluma njalonjalo, kepha kaningilalelanga.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
‘Amazwi kaJonadaba, indodana kaRekhabhi, agciniwe, ayala ngawo abozalo lwakhe ukuba bangaliphuzi iwayini; kuze kube namuhla abaliphuzanga, ngokuba bawulalela umyalo kakhokho wabo. Nami ngikhulumile kini ngiphindelela, kodwa kaningilalelanga.