Jeremiah 36:29 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
NgoJehoyakimi inkosi yakwaJuda uyakusho uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uwushisile lo mqulu ngokuthi: “Ulobeleni kuwo ukuthi inkosi yaseBabele iyakufika nokufika ukuchitha leli zwe, yenze ukuba kuphele kulo abantu nezilwane, na?”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Uyakuthi-ke kuJehoyakimi, inkosi yakwaJuda: ‘Usho kanje uSimakade uthi: uwushisile lo mqulu, uthi: “Ulobeleni kuwo ukuthi inkosi yaseBhabhele izofika nokufika izobhubhisa leli lizwe, yenze ukuba kungabe kusaba nabantu nezilwane kulo na?”