Jeremiah 40:4 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Bheka, manje sengiyakukhulula namuhla emaketangeni asezandleni zakho. Uma kukuhle emehlweni akho ukuya nami eBabele, woza ngiyakukubheka; kepha uma kukubi emehlweni akho ukuya nami eBabele, kuyeke; bheka, izwe lonke lisebusweni bakho; lapho kukuhle nalapho kulungile emehlweni akho ukuya khona, yiya lapho.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Bheka, manje ngiyakukhulula namuhla emaketangeni asezandleni zakho. Uma kukuhle kuwe ukuba uye nami eBhabhele, woza, ngiyakukunakekela, kodwa uma ungafuni ukuya nami eBhabhele, hlala. Uyabona, lonke izwe liphambi kwakho; yana lapho ufisa ukuya khona.”