Jeremiah 40:7 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Zonke izinduna zempi ezazisendle, zona nabantu bazo, sezizwile ukuthi inkosi yaseBabele imenzile uGedaliya indodana ka-Ahikamu umbusi ezweni nokuthi inikele kuye abesilisa, nabesifazane, nabantwana, nabayizimpofana bezwe abangathunjelwanga eBabele,
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Bonke abakhuzi bempi ababesehlane namabutho abo, bezwa ukuthi inkosi yaseBhabhele ibeke uGedaliya, indodana ka-Ahikamu, ukuba abe ngumbusi ezweni, nokuthi inikele kuye abesilisa, abesifazane, abantwana, nezimpofana zezwe abangathunjelwanga eBhabhele;